Ukuzithanda
Zithande Njengoba Unjalo
Ukuzithanda akusho ukuzibona ungcono kunabanye, kodwa kusho ukubona inani lakho ngaphandle kokulinda omunye umuntu akutshele. Uma uzithanda, awesabi ukuhlala wedwa, ngoba uyazi ukuthi wena uqobo uyinkampani enhle. Uyazi ukuthi awuphelele, kodwa futhi uyakwazi ukubona ubuhle obukhona ngaphakathi kwakho. Lapho uqala ukuzithanda, izwi lakho liyakhula, amaphupho akho aqala ukucaca, futhi uthando lwangaphakathi luqala ukukhanya ngaphandle.
Phethiswa Gxokwana
댓글 삭제
이 댓글을 삭제하시겠습니까?
divinethando
댓글 삭제
이 댓글을 삭제하시겠습니까?