5 Trong - Dịch

MPAC is the Municipality Public Accounts Committee okuyikomiti elibhekelele ukuphathwa kwezimali zomphakathi emikhandlwini. Lingelinye lamakomiti abaluleke kakhulu ngoba uma kubekhona ukusebenza kwemali ngendlela engaqondakali ilona lelikomiti elisukumayo liphenye ukuthi kwafika imali engaka emkhandlwini, yasetshenziswa kanjani isenti nesenti lakhona. Yilona futhi elithi uma seliphenyile bese lenza izincomo zokuthi abathintekayo bathathelwe izinyathelo zokusebenzisa imali yomkhandlu ngendlela engazuzisi umphakathi..

Cllr uShelembe ungusihlalo futhi we Ethics Committee lana emkhandlwini waBaqulusi lapho nakhona eke waveza eningi inkohlakalo ngokusebenza kwezimali zomkhandlu, sizokhumbula ukuthi wake wasinda edutshulwa okwakusolisa ukuthi kwakumayelana nombiko wezezimali okwakufanele awethule ngophenyo olwalenziwe yikomiti lakhe. Emkhandlwini umele iqembu le DA

image